Wednesday, July 23, 2014

Kahle Nkosazane, Angikusheli

Ewu, haaaawu wemadoda, waze wamuhle umuntu wesifazane
Sawubona Nkosazane, uxolo uma ngikuphazamiza, nami ngiphazamisekile ngobuhle bakho
Yazi phela umuntu akajwayele ukugeza amehlo kamnandi kangaka emgwaqweni nje
Kodwa-ke angicacise. Angikusheli ngiyancoma nje

Ngicela ukuxoxa nawe Nkosazane, izwi lakho ngathi uju lwezinyosi, limtoti ezindlebeni
Amehlo akho ajulile ngathi amanzi olwandle, umuntu angabhukuda kamnandi kuwona
Bheka nje, isfuba sakho sphalaphala ey, kodwa wothi ngingasho okuningi ehh
Yazi wothi ngikuphelezele kancane, ngizojika la uya ukhona nawe
Cha angiqonde lutho olutheni, bengidumisa nje imisebenzi kaThixo

Ake sihlale kancane siphunge itiye elishisayo, noma i-juice ngoba nawe uyashisa
Ngiyacabanga ukuthi labantwana onyathela sebekhathele nabo, ehhe...
'The rain in Spain falls mainly on the plains...' hayibo, ngenzani manje
Bheka nje amathanga akho asengenze ngadidekela ngasesiLungwini
Ewu, phuma langa sikothe, mbali yomhlaba, boya obuphuphuzelayo ngathi utshani base-Orlando
Kahle nobuhle angikusheli, bengisika elijikayo nje

Kahle sisi wenzani manje? Ngiganiwe mina ungangithinti kanjena phela
Kodwa phela isikhumba sakho sintofontofo sibusheshelezi, izandla ezimhlophe
Ngiyabona wena awukaze utheze izinkuni hehe, hehehehehe
Konje ungubani igama? Kukuphi ekhaya? Isibongo ubani? Hhayi, asihlobene, kwakuhle...
Awungiphe izinombolo zakho, hleze singafonelana mafuphi, ukuncokola nje okungatheni
Noma siyobona umbukiso-bhanyabhanya lapha eBhayaskobho ngoLwesine
Cha angikukhiphi, angithi singabangani nje? Ngithathiwe mina, kodwa asiqhubeke

Awume ngiphendule ucingo ... hhayi omunye nje umuntu wesifazane ongabalulekile
Kona sekumele ngihambe, bangilindile. Kodwa ey, inhliziyo ayivumi
Ake ngikubheke okokugcina, amehlo azitike ngobuhle obungechazwe
Ngizobuye ngikubone nini Nzwakazi, isiXhosa-ke leso, ngazi zonke mina
Khona kusasa, lapha ezitolo? Ima, asithole indawo ethe ukuqhela kancane

Asenzi lutho olubi, nje angiwathandi amehlo abantu, baqavile ngokukhuluma
Ungangifoneli kulephone, ngizokunika enye inombolo singaphazamiseki
Kodwa ungafoni ebusuku ngoba ... eh ... ngiyashesha ukulala. Ya.....

Ngingasakushelanga-ke Nkosazane ey, ehhe....